top of page

UKUVUVUKALA KWAMALUNGA

YINI UKUVUVUKALA KWAMALUNGA?

Wolunye uhlobo oluvamile lwesifo samathambo esibangelwa amazinga aphezulu we-uric acid egazini. Lokhu kubangela izinqephu eziphuthumayo nezimbi  kakhulu zobuhlungu,ububele,ububomvu ukufudumala nokuvuvuka.

 

IZINGOZI EZIYIMBANGELA

  • Ukhaya onomlando wesifo

  • Ubulili bomuntu:Ikakhulu amadoda

  • Ukukhula

  • Ukudla:Uhlobo oluthile lwenhlanzi (Shellfish) nezinhlobo ezihlukene zenyama ebomvu.

  • Ukuphuza ngokweqile noma iziphuzo ezithambileyo.

  • Ukukhuluphala ngokweqile

  • Ukusanda kuhlinzwa noma ukuhlukunyezwa

  • Imithi: Imithi engandisa amathuba okuphathwa isifo sokuvuvukala kwamalunga ihlanganisa ama-thiazide diuretic (okuyimithi ekhipha amanzi emzimbeni, ngokuvamile esetshenziselwa ukwelapha umfutho ophakeme wegazi), isilinganiso esiphansi se-aspirin, imithi enikezwa abantu abafakelwe izitho zomzimba (antirejection) nokwelashwa ngamakhemikhali.

  • Izimo zempilo: ukungelashwa komfutho ophakeme wegazi (hypertension) nezifo ezingamahlala-khona, njengesifo sikashukela, izinga eliphakeme lamafutha asegazini (hyperlipidemia), kanye nokuvaleka kwemithambo yegazi (arteriosclerosis).” Ukuvuvukala kwamalunga kuphinde kuhlotshaniswe “nokuvele uhlatshwe ukugula noma isifo esiphikelelayo noma ukulimala, nokuhlala ulele ngenxa yokugula,” kanye nesifo senhliziyo nesezinso. 

IMBANGELA

  • Ukudla okunezinga eliphakeme lama-purine, njengo nhlobo oluthile lwezinhlanzi kanye nezinhlobo ezihlukahlukene zenyama ebomvu kanye nokuphuza utshwala ngokwenqile ikakhulukazi ubhiya neziphuzo eziqukethe ushukela ongufructose

  • Le purine iguquka ibe yi-uric acid emzimbeni bese ichithekele egazini futhi isuswe yizinso sekuwumcamo

  • Amazinga aphezulu we-uric acid angakha emzimbeni bese  kuyobangela ukuchama amacrystals akhekhile

  • Lawama-crystals angakwazi ukuqoqana emajoyinini akho futhi abangele ukuvuvukala okungabangela ubuhlungu obungazelele futhi obukhulu

 

IZIBONAKALISO NEZIMPAWU

*Zenzeka ngokushesha futhi ngokuvamile ebusuku*

  • Ubuhlungu obuhlanganiswe besiphakeli:Ngokuvamile ekuhlangayeleni okukhulu kwezizwa kungenzeka noma yikuphi,kungaba kunanoma nakuliphi ijoyini.

  • Izitho ezijwayelekile: indololwane,amadolo,ithende,iqakala(ankle),ihlakala kanye nobhozo

  • Ukuphikelela ukungaphatheki kahle

  • Ukubabomvu  nokuvuvuka

  • Ukwehla kokunyakaza kuyaciphiseka kwejoyini elikhubazekile

UKUPHELELISA

  • Okujwayelekile ukuvuvukala kwamalunga

  • Amatshe ezinso

INDLELA YOKUSHINTSHA IMPILO YAKHO

  • Ukwehlisa umzimba

  • Ukuzivocavoca njalo nje

  • Yehlisa  izinga lokudla okuphezulu nge-purine njenge nyama, ukudla  kwaselwandlwe kanye ne-shellfish,inyama ebomvu ,ukudla okugcwele usawoti njll.

  • Yehlisa izinga  lokuphuza kakhulu utshwala futhi kanye neziphuzo ezaneshukela.

  • Thola amaprotheni emikhiqizo yobisi enamafutha aphansi.

  • Landela indlela yokudla  okunempilo-Xoxisana nodokotela wakho.

  • Xoxisana nodokotela wakho ngokuphuza amaphilisi wokwelashwa kwesifo sokuvuvuka kwamalunga.

bottom of page