
ISIFO SOFUBA
SIYINI ISIFO SOFUBA (TB)?
Isifo sofuba (TB) Isifo esihlasela amaphaphu esibangwa igciwane elibizwa ngokuthi i-Mycobactrium tuberculosis.Iningi labantu uma kungenjalo konke babanalo lungakhombi Isifo sofuba. Lokhu kusho ukuthi bathelelekile ngamagciwane kepha okwamanje abagulanga yilesi sifo,futhi awukwazi ukusisakaza.Labo ukuvikeleka komzimba kuhlehlisiwe njengabantu abane sifo segciwane elilwisana nokuzivikela komzimba (HIV),ube nokungondleki,Isifo sikashukela noma labo abasebenzisa ugwayi unamathuba amkhulu okugula lesisifo.
Isifo sofuba (TB) siyalapheka futhi siyavikeleka.
IZICI ZENGOZI ZOKUBA NESIFO SOFUBA
-
Labo ukuvikeleka komzimba kuhlehlisiwe:Ikakhulukazi labo abangenwe yi-HIV
-
Ukuphila noma ukuhlala nomuntu onesifo sofuba (TB)
-
Iminyaka emincane kakhulu noma esekhulile
-
Othile osanda kuthintwa amagciwane esifo sofuba (TB)
IMBANGELA YESIFO SOFUBA
Sisakazela ngamaconsi omoya lapho umuntu onesifo sofuba samaphaphu ekhwehlela,athimula noma akhafula nje amagciwane asakazeka emoyeni.Omunye bese edinga ukuphefumula lamagciwane ase etheleleke ngalesi sifo.
IZIMPAWU ZESIFO SOFUBA
-
Ukukhwehlela okungaphezulu kwamasonto amabili.
-
Ukujuluka ebusuku:Kufanele ushintshe izingubo zakho.
-
Ukwehla noma ukuncipha emzimbeni okunhlosiwe:Ukungasalingani ingubo zakho
-
Izinga lokushisa eliphezulu(imfiva)
-
Ukulahlekelwa isifiso sokudla
-
Ukuzizwa ukhathele ngaso sonke isikhathi
-
Ubuhlungu esifubeni noma ubuhlungu uma uphefumula.
INKINGA NOMA UMONAKALO
-
Ubuhlungu emgogodleni
-
Ukulimala emalungeni akho ikakhulukazi inqulu(ukhalo), amalungu edolo
-
I-Meningitis
-
Izinkinga ngesibindi sakho noma izinso
-
Ukuphazamiseka kwenhliziyo
-
Ukukhwehlela igazi
-
Ukulimala (malignancy)
INDLELA YOSHINTSHO LWENDLELA YOKUPHILA
-
Hlala ekhaya kuze kufike udokotela athi ungabuyela emsebenzini yakho ejeayelekile
-
Abantu abahlala nawe kumele bavakashele umtholampilo noma udokotela ukuze bahlolwe ukuthi banesifo sofuba (TB) yini
-
Qiniseka ukuthi uphuza imithi ngokufanele njengoba kuyalelwe udokotela noma umtholampilo
-
Ungaphuthelwa yimithi ethile oyiphuzayo. Zikhumbuze ngekhalenda,i-alamu ocingweni lwakho noma ucele umngani noma ilungu lomndeni ukuthi likukhumbuze
-
Xoxisana nodokotela wakho mayelanana nokwelashwa okubonwe ngokuqondile.
-
Vula amafasitela neminyango ukuze kushaye umoya
-
Yidla ukudla okunempilo.