top of page

ISIFO SESIFUBA SOMOYA

SIYINI ISIFO SESIFUBA SOMOYA?

Isifo esijwayelekile esingapheli sephaphu esibangela ukuvuvuka kwe-brochi nokuyiciphisa,bese kongezeke   ukukhiqizwa kwamafinyila amaningi abangele ubunzima bokuphefumula.

 

IZIMPAWU ZESIFO SESIFUBA SOMOYA ?

  • Ukukhwehlela (kakhulu ebusuku nasekuseni).

  • Inkinga yokuphefumula.

  • Isiguli sizizwa sicinene esifubeni.

  • Inkinga yokulala okubangelwa ukuphelelwa umoya,ukukhwehlela,noma inkinga yokuphefumula nzima nokuthimula njalo.

  • Ukuphefumula nzima noma umsindo wenkwele  nxa uhefuzela.

 

YINI EBANGELA UKUHLASELA KWESIFO SESIFUBA SOMOYA?

  • Ngaphandle: impova yotshani kanye neyezihlahla/yemithi noma izimila.

  •  Endlini :izilwane zasekhaya,uthuli kanye nezikhunta.

  • Izidakamizwa ezithile kaye nezithasiselo zokudla.

  • Impazamisa ezisemoyeni njenge ntuthu,amafutha amakhemikhali kanye nephunga elinamandla.

  • Isifo esithathelwanayo:ngokuvamile izifo zokuphefumula ezincane,njengomkhuhlane noma imfuluwenza namakhaza.

  • ukuvivinya umzimba, nakho kungase kubangele ukuhlaselwa.

  • Ukucindezeleka okungokomzwelo nokukhathala

  • Ukwabela okunamandla kokungezwani nento ethile.

  • Izinga lokushisa Nomswakama:Ukushintsha ngokushesha kwezinga lokushisa,ukushisa nokubanda okukhulu,isimo sezulu esinenkungu,esinogqoqwane nesibandayo

IZABA ZOKWEHLISA IMBANGELA YOKUCINDEZELEKA.

  • Qonda impawu ezibangela ukucindezeleka ukuphephisa ukucindezeleka.

  • Zama ukwehlisa ukudla eyandiswe imikhiqizo yedairy.

  • Xoxisana nodokotela ngokudla okungakuphephisa ekuhlaselekeni njengamaqanda, isoya, iwheat kanye neshellfish, izithasiselo zesulphite (ezisetshenziselwa ukucubungula nokulungiswa kokudla).

  • Bheka *amabhakteria amahle. *amaprobiotics- ukugcwalisa izithako eziqukethe amabhakteria aphilayo,ukuvuselela amasotsa omzimba emathunjini, okwenza kube lula ukusetha impendulo yokuvuvukala.

  • Ukudla amavitamins ikakhulu ivitamin C, D ne E ukulekelela amasosha omzimba wakho kusiza ukulawula  kokuvuvukala,cela udokotela ahlole igazi lezinga le”D” batuse umthamo ofanelekile.

  • Ngeza izinga lokusebenzisa amafutha:iomega-3 fatty acids ephakathi emafutheni inosizo ukulwa ukuba nokuvuvuka kwizinhlaka .Sebenzisa leyo enegramu ezimbili kuya kwezintathu ziphelele Iomega-3, noma iDHA neEPA ihlangene.

  •  Gcina inasal passage icacile:sebenzisa isaline spray ukuthi ihlale icacile inasal passage. Lokhu kokwehlisa ubunzima kuma airways wakho kosiza ukuphefumula kalula – nokuphelisa ipost –nasal drip. 

  • Phefumula kancane kancane: amasu okuphefumula angakwazi ukusiza ngezibonakaliso zesifuba ezifana nehyperventilation noma ukucindezeleka kwemizwa.

  • I- allergy shots (ungabuza udokotela ngayo).

Disclaimer


The contents of this website are for informational purposes only and do not constitute medical advice; the Content is not intended to be a substitute for professional medical advice, diagnosis, or treatment.  Always seek the advice of a physician or other qualified health provider with any questions you may have regarding a medical condition. Never disregard professional medical advice or delay in seeking it because of something you have read on this website.

 

Ukuziphendulela

Okuqukethwe kule-webhusi(website) kungokwaziswa izinhloso kuphela futhi azibandakanyi iseluleko sezokwalapha,okuqukethwe akuhlosiwe ukuba kube yingxenye esikhundleni sobungcweti besiluleko sezokwelapha,ukuxilongwa,noma ukwelashwa. Njalo ufune iseluleko sodokotela noma omunye umhlinzeki wempilo oqeqeshiwe nganoma yimiphi imibuzo ungase ube nayo mayelana nesimo sezokwelapha. Ungalokothi unqabeiseluleko sezokwelapha ochwepheshe,noma ukubambezeleka ekufuneni  ngenxa yento oyifunde kule-webhusi(website).

BoitatolÔ

 

Tshedimosotlopolo ya website ena ke ho thlahisa lesedi fela, ha eme   lehatong la ngaka hoba baoki. Otlamehile ho bona ngaka hoba mooki hore ba arabe dipotso ka bolwetsi. O seke wa thlokomologa hoba wa diega go bona ngaka ka morago ga go bala website

Boikemelo 

 

Dintho tse ka hare ho website ke bakeng  sa morero ea tlhahisoleseding feela. Lula o batla keletso ho ngaka kapa mooki hore  a arabe lipotso ka maloetse. Oseke oa hlokomoloha le ho lieha ho etela ngaka ka mora ha hore o bale website

 

© 2023 by Health Window(cc) South Africa. Proudly created with Wix.com

bottom of page