top of page

 I-CHOLESTEROL

IYINI I-CHOLESTEROL?

Enye yezinto ezisamafutha ezitholakala emzimbeni womuntu. Iba kuzona izingxenyana (cells) zomzimba.

  • Ubuchopho isona isitho esicebileyo nge cholesterol

  • Umzimba uyayidinga i-cholesterol ukuze wakhe izindlala iVitamin D nezinye izinhlobo zama esidi enyongo ezisebenza ekugayekeni kokudla

  • I-cholesterol ayiqhafazeki egazini, kodwa iyadingeka emzimbeni

  • Ihanjiswa ama-lipoproteins emithanjeni yegazi

 

ZIMBILI IZINHLOBO ZE –CHOLESTEROL

 

Yi low-density liproprotein (LDL) ne high-density liproprotein (HDL)

  • I - LDL i-Cholesterol embi noma engawulungele umzimba – ukunqwabelana kwayo kuyingxenye yembangela yokuncipha kwesikhala emithanjeni yegazi, lokhu kubizwa nge – atherosclerosis, okusho ukunqumela kwegazi bese kuthikameza ukugeleza kwegazi

  • I HDL i-Cholesterol enhle noma elungele umzimba – isusa i-Cholesterol kwezinye izitho zomzimba ukuya esibindini, isibindi bese siyikhipha i-Cholesterol emzimbeni. Izinga elamukelekile leCholesterol 3.6-7.8mmol

 

YINI IMBANGELA YE-CHOLESTEROL EYEQILE?

  • Ufuzo

  • Ukudla okunamafutha amaningi anqumayo

  • Isifo sikashukela, isifo sezinso ne hypothyroidism

  • Imithi ethize efana no oestrogen, corticosteroids, retinoids, protease inhibitors, thiazide diuretica nama beta - blockers

  • Ukuzimuka ngokweqile noma ukukhuluphala

  • Ukuphuza utshwala ngokweqile

  • Ukubhema ugwayi nokungazivocavoci

  • Ukusebenzisa phecelezi ama-steroids, ukuphuza utshwala ngokweqile, hypothyroidism, amaphilisi okuvikela ukukhulelwa, izinso ezingasebenzi, hypopituitarism kanye nephritic syndrome ezinye zezimbangela ze cholesterol eyeqile

 

IZINKINGA ZE CHOLESTEROL EYEQILE EMPILWENI:

I-cholesterol ihlasela isinyelela ngoba azikho izimpawu ebonakala ngazo ngaphandle kwezinkinga.

  • Isisifo senhliziyo ukunqumela kwegazi bese kuthikameza ukugeleza kwegazi okubonakala ngokuthi uzwe ubuhlungu besifuba, ukumelwa inhliziyo nokufa kohlangothi.

  • I-cholesterol eyeqile ayinazo izimpawu, uma izinga leqe ngokwedlulele i-cholesterol ingangena kuma-tendons noma ngaphansi kwesikhumba phansi kwamehlo. Amazinga aphakeme ngokudlulele ama-Triglyceride angaholela ekwakhekeni kwama-nodules ezindololwaneni noma emadolweni, nesikhumba esinamafutha

  • Ukuvuvukala kwesibindi, i-spleen noma i-pancreas

  • Ukuthikamezeka kokugeleza kwegazi ukuya ebuchosheni nase nhliziyweni

 

IZABA ZOKWEHLISA I-CHOLESTEROL

  • Yehlisa ukudla okuyimbangela yecholesterol eyeqile okufana namafutha anqumayo

  • Yidla ukudla okulekelelayo ekunciphiseni i-cholesterol kubalwa ukudla okunomsinga (fibre) i-Oats, ubhontshisi nezithelo

  • Ukuzivocavoca njalo

  • Gcina isisindo sakho esisezingeni elifanele

  • Yehlisa izinga izinga lotshwala ukuvikela ukwenyuka kwe cholesterol eyeqile

Disclaimer


The contents of this website are for informational purposes only and do not constitute medical advice; the Content is not intended to be a substitute for professional medical advice, diagnosis, or treatment.  Always seek the advice of a physician or other qualified health provider with any questions you may have regarding a medical condition. Never disregard professional medical advice or delay in seeking it because of something you have read on this website.

 

Ukuziphendulela

Okuqukethwe kule-webhusi(website) kungokwaziswa izinhloso kuphela futhi azibandakanyi iseluleko sezokwalapha,okuqukethwe akuhlosiwe ukuba kube yingxenye esikhundleni sobungcweti besiluleko sezokwelapha,ukuxilongwa,noma ukwelashwa. Njalo ufune iseluleko sodokotela noma omunye umhlinzeki wempilo oqeqeshiwe nganoma yimiphi imibuzo ungase ube nayo mayelana nesimo sezokwelapha. Ungalokothi unqabeiseluleko sezokwelapha ochwepheshe,noma ukubambezeleka ekufuneni  ngenxa yento oyifunde kule-webhusi(website).

BoitatolÔ

 

Tshedimosotlopolo ya website ena ke ho thlahisa lesedi fela, ha eme   lehatong la ngaka hoba baoki. Otlamehile ho bona ngaka hoba mooki hore ba arabe dipotso ka bolwetsi. O seke wa thlokomologa hoba wa diega go bona ngaka ka morago ga go bala website

Boikemelo 

 

Dintho tse ka hare ho website ke bakeng  sa morero ea tlhahisoleseding feela. Lula o batla keletso ho ngaka kapa mooki hore  a arabe lipotso ka maloetse. Oseke oa hlokomoloha le ho lieha ho etela ngaka ka mora ha hore o bale website

 

© 2023 by Health Window(cc) South Africa. Proudly created with Wix.com

bottom of page